IMemorandamu ngokoMthetho 136 wemiThetho eMisiwe yesiShayaMthetho sesiFundazwe saseGauteng.
Incazelo entsha "yesiteshi" ifakiwe ukuze ibandakanye indawo esetshenziselwa imisebenzi eqondene ngqo nokusebenza kanye nokuphathwa kohlelo lukaloliwe kanye nemisebenzi yezokuthutha abagibeli abafikayo nabahambayo esiteshini. Isiteshi-ke sizobandakanya izindawo zokupaka izimoto, amagaraji okupaka, izindawo zokwehlisa nokugibelisa abagibeli ngokushesha, izimoto ezithutha umphakathi nokunye okunjalo.
Kuye kwavunyelwana kabanzi neziphathimandla zendawo ezithintekayo ngemuva kokuxoxisana nazo ngokuthi ukusetshenziswa okuthize komhlaba endaweni yasesiteshini akufanele ukuba kulawulwe ngamasu okuhlelela idolobha futhi kungabhekelwa uMthetho, okungavimbela izinqubo ezichitha isikhathi ekuchibiyeleni amasu asetshenziswayo okuhlela idolobha. Lokhu kubandakanya imisebenzi ezithile yokuwheba ehambisana ngqo nokunophatheka kahle kwabagibeli, kubandakanya izikhangisi, ukudayiswa kokudla neziphuzo, amaphephandaba namaphephabhuku, imishini okufakwa kuyo imali ikhiphe lokho okuthengwayo, izingcingo zomphakathi kanye nemishini yasebhange (lena ezishintshayo okufakwa kuyo ikhadi ikhiphe imali).
Yize kunjalo, kuyacatshangelwa ekutheni eziteshini eziningi, kungaba nesidingo sokuba kube nemisebenzi yowhebo endaweni ezinguze isiteshi. Njengeba le misebenzi yowhebo ingahle ibe nomthelela ezindaweni eziseduze kweziteshi futhi kungahle kubuye kuthinteke ingqalasizinda yedolobha, kunesidingo sokuthi amalungelo okusetshenziswa komhlaba ahambisana nokuwusebenzisela izizathu zomnotho alawulwe ngohlelo olusebenzayo ohlelweni lwedolobha. Lokhu kwenzelwa ukubhekela igalelo lomphakathi waleyo ndawo, kanjalo nesinqumo sikamasipala, ngaphambi kokuba kugunyazwe lawo malungelo ngokuhambisana nemithetho yokuhlelela leyo ndawo. Le misebenzi izokwenzelwa esiteshini, kanti kuzofanele yenziwe ngokuhambisana namalungelo okusetshenziswa komhlaba endawo kanye nemithetho yokuhlela efanele.
Maqondana nokushiwo komgudu womgwaqo omusha wesifundazwe kanye nomzila kaloliwe, isigaba 4 soMthetho Wokukhuthaza Ubulungiswa Bokuphatha, 2000 (uMthetho No.3 ka-2000) ubhekela izinqubo ezimbiliezishintshanisekayo lapho kufanele umphathi wehhovisi akhiphe isinqumo esingawaphatha kahle noma kabi amalungelo omphakathi, ukusho nje uhlolo lomphakathi noma isaziso kanye nenqubo yokuphawula. Isigaba 6 esikhona njengamanje sakhetha inqubo yokuhlolwa komphakathi. Le nqubo ingaba yinkinga futhi ichithe nesikhathi futhi iphindaphinde into eyodwalapho imininingwane efanele ekwenziweni kwesinqumo kade ikhankaselwe ngokwanele ngenqubo ehambisana nokuhlolwa kwendawo kanye nombiko ocatshangelwe isigaba 6 (a) woMthetho ngqangi. Ngaphansi kwalezi zimo inqubo yesaziso kanye nokuphawula njengoba icatshangiwe kusigaba 4 soMthetho 3 ka-2000 ziyosebenziseka zombili futhi zisheshe zisebenze nakahle lapho umbiko wendawo sewuvele uhlanganisiwe, kanti inqubo yohlolo lomphakathi ingagcinelwa lezo zimo lapho kuqubuka izindaba eziqonde ngqo enqubeni yesaziso kanye naminye imibiko emibili, okungenzeka idinge okunye ukuhlolwa kanye nokuphawula. Ngakho-ke isigaba 6 sichitshiyelwe ukuze kusetshenziswe inqubo yesaziso kanye nokuphawula ukuze u-MEC enze isinqumo, futhi asebenzise inqubo yohlolo lomphakathi kuphela ezindabeni eziqondene nokuthize. Ngakho-ke ubulungiswa bokuphathwa obube sebutholakala bungobusezingeni eliphezulu kunalobo obudingwa uMthetho 3 ka-2000 ngokuthi zombili izinqubo ziyalandelwa.
UMthetho okhona njengamanje awubhekeli ngokugcwele isivumelwano okufanele senziwe nguNgqongqoshe malungana nokuhlela, sokwakha, sokusebenza, sokugcina impahla, sokulawula nokubheka i-Gautrain Rapid Rail Link ehlongozwayo. Ngakho-ke kwabaluleka ukuthi u-MEC anikezwe amandla, nangokuhambisana nokuhlinzeka okukhona eMthethweni, ukuba aphothule izivumelwano ezinjengesivumelwano esiwuhlaka esesikhona ngokuvumelana no-MEC obhekele ezezimali.
angasetshenziswa yilowo owusonkontileka ophumelele kumbe u-MEC egameni lakhe, lokho kwenziwa kuqashwe ukuvikeleka kwamandla nokusetshenziswa kwawo emazingeni okuzenzela nakwaphezulu. Ukusetshenziswa kwala mandla uma enikezelwe ukuba kuzuze umphakathi, kungeze kwavinjelwa noma kwacekelwa phansi ukuphothulwa kwezivumelwano.
Nangaphezu kwalokho, kuye kwanesidingo sokuba kwakhiwe isigaba esibhekela ukudluliswa kwelungelo phezu komhlaba womunye kumbe amalungelo asezandleni zika-MEC adluliselwe kulowo ongusonkontileka ophumelele. Amalungelo phezu komhlaba womunye kanye namalungelo omuntu nje awakwazi ngokomthetho ojwayelekile ukuthi amane asetshenziswe kumbe edluliselwe kumuntu wesithathu futhi kwakunesidingo samalungiselelo abhekene nalokhu.ngqo.
Enye injongo yoMthethosivivinywa, ukulungisa isimo mayelana nocwaningo olwenziwayo lwendawo.
Ucwaningo olubili lokuqala beluhlinzekelwe ngenxa yokuthi kwenye inkathi kuyenzeka ukuthi kudlule isikhathi eside phakathi kwesigaba sokunquma ngemizila kanye naleso sokudizayina okokuqala. Noma kunjalo-ke, ucwaningo lwesibili alunasidingo uma lokhu kucwaninga okubili kuzokwenzeka ngesikhathi esisodwa noma kulakanyane, njengalokhu kuzokwenzeka ngocwaningo loMzila i-Rapid Rail Link. Ngakho-ke, uMthethosivivinywa uchibiyela isigaba 8 (b) soMthetho ukuze kwenziwe ucwaningo lwesibili lungabi nasidingo lapho isiphathimandla esikwazi ukwenza umsebenzi esishiwo emthethweni wezendawo sisithatha njengesingenasidingo ngenxa yocwaningo lwezendawo olwenziwe ezingeni lokunqunywa kwendlela luzibhekele zonke izinto ezifanele.
Umthelela woMthethosivivinywa endaweni okuhlalwa kuyo unobudlelwano nokuncishiswa kocwaningo lwendawo njengalokhu sekuchaziwe ngenhla. Kanti uMthethosivivinywa awunawo omunye umthelela endaweni.
Akukho ukuxabhelela ezimalini, ngaphandle kokuthi izichibiyelo zingahle zilethe izinqubo ezihlongozwayo ezingahle zingabi nazindleko eziphezulu.
Azikho izindleko ezingaphezulu ezingabhekana nohulumeni basekhaya. Ukonga kungahle kubonakale ngokuthi kugwenywe ukuthutha okungenasidingo ezindaweni zaseziteshini nasezindaweni lapho kuhamba khona imizila yezitimela.
Izinto ezihlinzekwa uMthethosivivnywa sekufundisenwe ngazo neziphathimandla zohulumeni basekhaya eSifundazweni, eziye zanikezela ngemibono malungana nokusetshenziswa kwamagama ezichibiyelweni. UMthethosivivinywa usuyisiwe nakuMnyango wokuHlelwa kweNtuthuko noHulumeni baseKhaya kanye naseMnyangweni wezoLimo, woKongiwa kweMvelo, wezeNdawo kanye nezoMhlaba, futhi sekubanjwe izingxoxo eziqondene nalokhu naleyo minyango. UMnyango ubona kungekho sidingo sokushicilela uMthethosivivinywa ukuba umphakathi uphawule ngenxa yokuthi izinguquko eziphakanyisiwe ezobuchwepheshe futhi azilethi zinguquko ngokomgomo. UMthethosivinywa futhi uyaphuthuma kakhulu.
Malungana nocwaningo lwezindawo-ke, njengalokhu kuchaziwe ngenhla, bekunesichibiyelo esithi asifane kuMthetho-sivinywa owandulela uMthetho ngqangi ngesikhathi ushicilelwa ukuthi kuphawulwe ngawo, kodwa awuzange waphunyeleliswa ukuba ube uMthetho ngenxa yamaphutha enzeka ngesikhathi ubhalwa. Kanti akuzange kube khona ukuphikiswa kwalowo mthetho.
Umshwana 1 woMthethosivivinywa uchibiyela izincazelo zika "rizevu kaloliwe" kanye "nomzila wesitimela" bese ufaka incazelo entsha "yesiteshi" ukuze kubhekelwe izinhloso ezibhalwe ngenhla.
UMshwana 2 woMthethosivivinywa uchibiyela isigaba 6 soMthetho. Isigaba esisha sihlinzeka ngokuthi uma umbiko wendlela yokuqala sewulungisiwe futhi nocwaningo lwendawo selwenziwe, loyo mbiko kanye nombiko wocwaningo lwendawo kuyoba ngaphansi kwenqubo yesaziso kanye nokubekwa kwemibono. Omasipala abafanele bayothintwa ngqo maqondana nemibiko. U-MEC kufanele acabange ngemibiko emibili kanye nemibono etholakele, bese eyanquma ukuthi uyayishicilela indlela noma udlulisela izindaba ezithile kukhomishini ukuze imeluleke. Lezo zindaba ziyoshicilelwa ukuze labo abathandayo nabathintekayo bakwazi ukuphawula, futhi ikhomishini kufanele yenze uhlolo lomphakathi futhi ivumele abantu abaphawulile ukuthi beze bazosekela imibono yabo. Ikhomishini iyobe seyihlanganisa umbiko wokweluleka u-MEC, oyobe-ke esengathatha isinqumo ngomgudu. Le nqubo kucatshangwa ukuthi inezinkinga ezincane, ayisichithi isikhathhi kangako futhi ayiphindaphindi into eyodwa kunenqubo ekhona njengamanje, lapho izinto ebesezenziwe ngesikhathi socwaningo lwendawo kungafanele zibuye zibe ngaphansi kokuhlolwa ngumphakathi. Isigaba esisha sisebenzisa kokubili inqubo yesaziso kanye neyokuphawula kanye nenqubo yokuhlolwa ngumphakathi, ngakho-ke isebenzisana ngokugcwele namalungiselelo ahlinzekwa uMthetho Wokukhuthaza Ubulungiswa Bokuphatha, 2000.
UMshwana 3 woMthethosivivinywa uchibiyela isigaba 7 soMthetho ukuze kulungiswe ukuqhathaniseka nesigaba 6 esisha.
UMshwana 4 woMthethosivivinywa uchibiyela isigaba 8 (b) soMthetho ukuze kubhekeleke ukuthi kungabi khona sidingo sokwenziwa kocwaningo lwendawo esigabeni sokuhlela esisezingeni lokuqala uma isiphathimandla sezendawo esikwazi ukwenza kahle umsebenzi sikuthatha njengokungenasidingo. Nezinye-ke izichibiyelo ezincane ezenziwe yileso sichibiyelo zenziwe kuleso sigaba.
UMshwana 5 woMthethosivivinywa uchibiyela isigaba 10 soMthetho ukuze kulungiswe ukuqhathaniseka nesigaba 6 esisha.
UMshwana 7 woMthethosivivinywa uchibiyela isigaba 51 soMthetho ukuze kulungiswe iphutha elenzeke kubhalwa.
UMshwana 8 woMthethosivivinywa ufaka isigaba esisha u-51A eMthethweni ukuze kubhekeleke izivumelwano ezingahle ziphothulwe zokwakha, zoxhaso lwezimali, zokusebenza, zokuphatha, zokulawula nokubhekwa sakulalwula komgwaqo kanye nezinhlelo zikaloliwe, njengoba kukhonjisiwe ngenhla, ngokuvumelana noNgqongqoshe wesiFundazwe obhekele izindaba zezimali.
UMshwana 9 woMthethosivivinywa unikeza isihloko esifushane.
